Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uthi noma bezodlala neqembu elibhekene nezembe kule mpelasonto abekho abadlali azobaphumuza ngoba wonke umuntu kumele aziphushe ukuze banqobe isicoco seligi.

ISundowns izobhekana neCape Town City kusasa ngo-8 ebusuku. Ngemuva kwalo mdlalo izodlala eminye imidlalo emithathu yeligi ngaphambi kokubhekana nePyramids FC kowamanqamu weCAF Champions League ngo 24 May.

Noma igqishene imidlalo, uCardoso uthi akekho umdlali ozophunyuzwa.

“Akekho umdlali engizomphumuza. Kumele baziphushe. Kunzima ukulwela isicoco seligi, kuningi okusamele sikwenze.

“Ngiyazi kuzoba nzima kumasonto ayisithupha ezayo kodwa sigcwele ugqozi futhi sijabule. Siyayazi inselelo esibhekene nayo. Kufanele siwahloniphe onke amaqembu esibhekana nawo.”

ISundowns isazodlala nakwiFIFA Club World Cup. Umdlalo wayo wokuqala ungo 18 June ngo 00:00.