Abalandeli be-Wydad Athletic Club sebebhalele iqembu bephendula umqeqeshi uRulani Mokwena abamsole ngokungabi nawo udanki ngendlela abameseke ngayo kule sizini.
URulani usanda kukhalaza ngokuhlukunyezwa abalandeli ngenxa yemiphumela yakamuva. IWydad isidlale ama-draw amathathu kulandelana osekuphazamise umgqigqo wayo njengoba ibheke ukuqede kunombolo 2.
Abalandeli beWydad bathi yimiphumela yakamuva engamukelekile ebakhuphulela ushukela, futhi kuyilungelo labo ukuzwakalisa ukungenami uma bebona iqembu seliqala ukuhlehla kunokuya phambili.
“Ngemuva kokunqoba imidlalo ilandelana, besinethemba lokuthi injabulo izohlala nokuthi sizovula igebe phakathi kwethu neqembu elikunombolo 3 ukuze sizozibekisela indawo kwiChampions League ngesizini ezayo.
“Kodwa kwenzeke ebesingakufuni iqembu lithola ama-draw amathathu kulandelana. Manje sesiyalingana ngamaphuzu nelinye iqembu elikunombolo 2, thina sehlele kunombolo 3, iqembu elikunombolo 5 silishiya ngamaphuzu ambalwa ngenxa yalokhu kubhacaza kweqembu.
“Ngeke singene kakhulu kokwenzeka kule midlalo ngoba ngokubona kwethu abadlali nomqeqeshi kufanele ngabe bayazi ukuthi wumbhedo ukuthola ama-draw amangaka, amanye awo siwathole sidlala ekhaya.”
Incwadi yabalandeli beWydad iqhuba iveze ukuthi imphumela yangesizini edlule yenza abanye bakholwe wukuthi ‘bazama’ iWydad ngokuyijoyina kanti empeleni yibona okufanele ngabe bakuncengile ukusebenzela iWydad.
Bathi uMokwena ‘weqe ulayini’ ngokugxeka abalandeli ngoba umsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi babuyisela iqembu emgqeni uma belibona lichezuka okuyinto abazoqhubeka bayenze ngoba kuyingxenye yezinto ezibeke iWydad esicongweni ebholeni lase-Africa eminyakeni edlule.
“Ngeke sinambali umqeqeshi owesekwe ukudlula bonke abanye abaqeqeshi abasebenzele iqembu eminyakeni embalwa edlile. Okunye nje okukhombisa ukuthi siyameseka, asicelanga ukuthi axoshwe ngemuva kokubona iqembu likora amagoli amabili emdlalweni emithathu. Kodwa umngani wethu manje useqala ukungabahloniphi abalandeli, akekho umuntu okufanele eqe lolayini.”