I-UEFA isiqale uphenyo ngomdlalo wokuhlunga we-UEFA Champions League phakathi kweDynamo Kiev beFenerbahce ophele sekumuncu ngemuva kokuba abalandeli becule ingoma ngoMengameli waseRussia u-Alexander Putin sekuphele umdlalo.
Abalandeli beFenerbahce badinwe yinduku, baqala ukugcona iDynamo yase-Ukraine.
Kusukela iRussia yahlasela ngodli e-Ukraine, sekushone inqwaba yabantu, abanye abanazo izindawo zokuhlala.
Umqeqeshi weDynamo uMircea Lucescu unqabile ukuyokhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo.
Ingoma iqale ngemuva kokungena kwegoli lika-Oleksandr Karavayev kulomdlalo obubanjelwe e-Istanbul. IDynamo inqobe ngo 2-1 uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili.
Ngokombiko wephephandaba lase-Ukraine i-Expres, uLucescu ubeke kanje ngalesi senzo:
“Angeke siyamukele indlela abalandeli abaziphathe ngayo. Bengingalindele ukuzwa ingoma efana nalena. Kuyadabukisa.”
I-UEFA ikhiphe isitatimende ngoLwesine, icacisa ukuthi lesigameko sizophenywa.