Umdlali oyibamba esiswini kwiKaizer Chiefs uThabo Cele ubonge abalandeli baleli qembu ngendlela ababeseke ngayo eNelson Mandela Bay stadium beshaya iStellenbosch FC koweNedbank Cup ngoMgqibelo.

IChiefs izothola namhlanje ukuthi izoqhathwa nobani kuma-semifinal ngemuva kokukhipha iStellies ngo 3-1.

UCele, ojoyine iChiefs ngoJanuary, udlale ingcwenga yebhola esiswini, waqokwa njengomdlali ovelele.

“Okokuqala nje, ngicela ukubona uMdali ngakho konke lokhu, nabalandeli ngomfutho esiwuthole kubona,” kusho uCele engxoxweni nabeSuperSport TV.

“Le ndondo eyeqembu lonke ngoba besikulindele ukubhekana nomdlalo onzima, sasebenza ngokuzikhandla ukuze sidlulele phambili.

“Ngaphandle kwabalandeli bekuzoba nzima. Sengishelwa yizwi ngoba angisenawo amagama okubabonga.

“Ngiyabonga kuMdali nakumndeni wami ekhaya – abantu bami. Selokhu ngibuyile ngimangele ngijabule. Sifuna ukudlulela phambili. Nakwiligi sifuna ukukhuphu. Sizoqhubeka silwe njengeqembu.”