Inkampani enikezwe igunya lokudayisa amathikithi owamanqamu weNedbank Cuo, i-Open Tickets, isizwalise ukuzisola ngokuphazamiseka kohlelo lokudayisa amathikithi alomdlalo izolo, ithi izothumela iPSL umbiko ophelele ngokuthi kwenzekeni.

I-Open Tickets ishicilele isitatimende namhlanje ekuseni emakhasini ezokuxhumana ngemuva kokucasula inqwaba yabalandeli abebefisa ukuthenga amathikithi izolo. Abaningi bavukele eShoprite naseCheckers njenoba bekuthiwe amathikithi angathengwa khona, nakwi-website yakwa-Open Tickets okushaye u-10 obekuyisikhathi sokuqala ukudayisa amathikithi isidonsa ngodizili abanye bengakwazi ukungena.

Ngesikhathi sihambele iCheckers sifike sathola ukuthi amathikithi abengaveli kwi-system yokudayisa, okuyinto obekukhalwa ngayo naseCheckers. Na-Online bekungathengeki kodwa bakhona abawatholile.

“I-Open Tickets iyazisola ngokuphazamiseka kohlelo lokudayisa ngesikhathi siqala ukudayisa amathikithi owamanqamu weNedbank Cup.

“Ukungena kwabantu abaningi ebesingabalindele kudale ukuthi ithwale kanzima isystem. Siyaqonda ukuthi kubacasule kangakanani abalandeli lokhu kodwa sizama konke okusemandleni ukuyilungisa inkinga.

“Sizothumela umbiko ogcwele kwiPremier Soccer League. Amakhasimende athintekayo sizowazisa ukuthi kuzokwenzekani ngamathikithi abawathengile uma kube nenkinga, abanye bazobuyiselwa imali uma kufanele.

“Eminye imininingwane sizoyithumela emakhasini ethu ezokuxhumana.”