Oyisekela likaMengameli kwiSAFA uRia Ledwaba ukholwa ukuthi abadlali beBanyana Banyana kufanele bahole imali elinganayo neyabadlali beBafana Bafana.

ULedwaba ukhulume kanje ngemuva kwesimemezelo se-US Soccer Federation edalule ukuthi abadlali beqembu lesizwe labesimame sebezohola imali elinganayo neyabadlali beqembu lesizwe labesilisa.

ULedwaba uyajabula ngokukhonya kweqembu lesizwe labesifazane lase-US, wakufanisa nokuphumelela kwebhola labesifazane kuzona zonke izindawo.

“Lokhu kuchaza ukuthi kufanele silwe nathi. Ngebhadi empilweni kufanele abesifazane basebenze ngokwengeziwe ukudlula abesilisa ukuze bezonakwa,” kusho uLedwaba obekhuluma nabezindaba emcimbini wokwethula incwadi kaPortia Modise eGoli.

“Ngisho ungumdlali osezingeni eliphezulu kodwa empilweni uyashizila. Ngikufanisa nokuthi kuphumelele ibhola labesifazane ngokwenzeke e-US.

I-Us ihlezi ihamba phambili, iqembu labo lingcono kuneqembu labesilisa. Banqobe iNdebe yoMhlaba beyisingathile kodwa abakhokhelwanga imali ebafanele, kusize khona ukulwa ezinkantolo. Sebezohola imali elinganayo neyeqembu labesilisa,” kusho uLedwaba.

Iqembu labesifazane lase-US eseliqukule iNdebe yoMhlaba amahlandla amane, ligcine liwunqobile lomdonsiswano osuthathe iminyaka elishumi. I-US Soccer Federation ifinyelele kwisivumelwano sokuholela abadlali namaqembu esizwe imali elinganayo kuze kuphele uDisemba 2028.

Njengoba sekusondele ukhetho lukaMengameli weSAFA, udaba lokuholelwa kwamaqembu esizwe imali efanayo luphezulu ezindabeni ezidingidwayo kulabo abagebhele isikhundla.

ULedwaba, naye okhona kulolukhetho, uthi ukuholelwa kwamaqembu esizwe imali elinganayo kuyinto engenzeka.

“Sesiyafika lapho, sekushoda sithole abaxhasi abazosiza. Sizolwa ukuze amantombazane ezohola njengabantu besilisa. Kuyinto engenzeka leyo,” kubeka uLedwaba.