Isiqalile ukungena imibiko ngabadlali abafunwa wuRuben Amorim kwiMan United njengoba ehlalelwe wumsebenzi wokukhuphula iqembu kwilog yePremier League.
U-Amorim akumhambeli kahle kwi-United selokhu efikile kodwa umehluko usuyaqala ukubonakala kwibhola elidlalwa ezakhe. Ngempelasonto i-United ithuse abaningi ibamba iqembu elisefomini e-Anfield, iLiverpool, ngo 2-2, futhi empeleni ibingawunqoba lo mdlalo ukube uHarry Maguire akagejanga ekugcineni.
Isishiphelene phakathi kwalo mqeqeshi noMarcu Rashford amsola ngokungazimiseli ngokwanele uma epheka iqembu, kanye nasemdlalweni. Ngakolunye uhlangothi abagadli abasha okunguJoshua Zirkzee noRasmus Hojlund, akubahambeli kahle nabo phambi kwepali, okuphoqa i-United ukuthi izame ukuthola umgadli kuleli windi.
Kubagadli abakhonjwa kwi-United kubalwa uVictor Osimhen obolekiswe kwiGalatasary, Kolo Muani ofuna okushiya iPSG, kanye noViktor Gyökeres ongalibheki ipali kwiSporting Lisbon. Nomgadli weJuventus, uDusan Vlahovic, uyabalwa kodwa ngathi iJuventus izimisele ngokuthi imnikeze i-United uma izothola uZirkzee obesebenza nomqeqeshi weqembu uThiago Motta kwiBologna ngesizini edlule.
Kulaba bagadli akukacaci ukuthi i-United izothatha muphi kodwa uGyökeres sekuvelile ukuthi kungamele ilinde kuze kuphele isizini ngoba u-Amorim wahamba ethembise iLisbon ukuthi ngeke abuye ezofuna abadlali bayo ngoJanuary.
U-Osimhen kuthiwa uzimisele ngokudlala kwiPremier League kanti nenani lakhe alisasabisi njengakuqala ngoba akasaboni ngasolinye neNapoli. Okuzokwenza ukumsayinisa kube nzima nokho wukuthi kubalwa negama leChelsea FC kumaqembu abheke ukumsayinisa.
UKolo Muani, ozokhunjulwa abaningi ngokugeja uqekelele kwiWorld Cup Final ngesikhathi iFrance ibhekene ne-Argentina, ushelwa yiTottenham okusho ukuthi kuzomele isheshe i-United uma ifuna ukuyiphuca iqatha emlonyeni.