Ukungabizwa ngisho koyedwa umdlali weKaizer Chiefs esikwatini sokuqala seBafana Bafana onyakeni u-2025 kufanele kubakhathaze abadlali baMakhosi njengoba kuzoba ne-Africa Cup of Nations (AFCON) ekupheleni konyaka.

Uma sikhuluma iqiniso nje abadlali beChiefs sekuneminyaka bagcina ukubizwa ngobuningi eqenjini lesizwe, okudweba isithombe esingesihle ngezinga labadlali bakuleli abasemabhukwini aleli qembu njengamanje.

Esikwatini sakamuva esizolungiselela ukubhekana neLesotho neBenin kweyokuhlungela iFIFA World Cuo, engonyaka ozayo, uBroos ubize abadlali abayisikhombisa kwiMamelodi Sundowns, wabiza abahlanu kwi-Orlando Pirates, nababili kwiStellenbosch FC.

Umdlali weChiefs obengabizwa esikwatini uRushwin Dortley ulimele, kanti ubesevame ukuba wumdlali oqala imidlalo ngaphansi kukaBroos. Njengoba engekho, kuvalwe ngehlahla kuMakhosi.

Lokhu kubeka ngokusobala ukuthi abadlali beChiefs abadlali ezingeni okufanele ngabe badlala kulo uma ubuka umlando waleli qembu, imali elinayo kanye nenqalasizinda yeqembu, phecelezi, ama-facilities.

Abadlali beChiefs kuzofanele bakhuphule amasokisi uma bezimisele ngokudlala kwi-AFCON eseMorocco ezobe igcwele abadlali abaphambili emhlabeni. Ukudlala kwi-AFCON kubavulela amathuba amahle abadlali njengokubonwa amaqembu aseNorth Africa nawaphesheya angazimisela ngokubathenga. Ngaphandle nje kwalokho, abadlali beChiefs kufanele ngabe babheke ukuzibekisela indawo esikwatini uma kwenzeka iBafana ingena kwiNdebe yoMhlaba yango-2026.

Ukudlala kwi-AFCON nakwiWorld Cup kuyithuba elingavamile kubadlali abaningi kodwa kubukeka bengazimisele ngokuzakhela lowo mlando abadlali beKhosi.