Umqeqeshi weBaroka uVincent Kobola uthi abadlali abakhumbule imindeni yabo njengoba sebelwela ukuvika izembe emidlalweni emibili esele.
IBaroka ebambe amabhuleki kwiDSTV Premiership, idinga amaphuzu amathathu kwiSuperSport United abazodlala ngoMgqibelo ukuze bezobaleka ezembeni.
UKobola uthi abadlali abakhumbule izingane zabo ezincane uma sebedlala neSuperSport.
“Abadlali balwela izinkontileka nezimpilo zabo manje. Abanye basele ngezinyanga ezimbili kuphela ukuze bathole umholo, kufanele banakekele izingane ezisesikoleni nemindeni yabo. Uma ingane yakho ikhishwa esikoleni, kumele uchaze njengoyise, uphendule,” kusho uKobola.
UKobola uthe bangene kulolutaku ngenxa yokusebenzisa ngabadlali abasebancane.
“Iningi labadlali alikaze lizithole kulesimo ngaphambilini, bayatatazela futhi bathukile. Uyababona ukuthi bathukile abanye abadlali. Siyazama ukubasiza kodwa,” kuchaza
Lomqeqeshi uthi usethembe ukuthi iSwallows neTS Galaxy bazolahla amaphuzu.
“Ngithathe lenselelo ngenhloso yokusiza iqembu ngoba bengikhona isizini yonke. Bekungcono izintambo zithathwe yimina kunokuqasha umqeqeshi omusha ozodinga isikhathi sikwazi iqembu nabadlali. Kufanele sinqobe imidlalo emibili esele, sithembe ukuthi imiphumela yakweminye imidlalo izosivuna.
Abadlali bayasazi isimo esikuso. Kubuhlungu okwenzeka kwiChippa United ngoba sangenelwa yigoli umdlalo usuzophela. Sizophazamiseka uma sicabanga ngakho kakhulu. Bekufanele ngibagqugquzele abadlali, ngibakhumbuze ukuthi sisalwela ukusindisa iqembu ezembeni. Abadlali bayaqonda ukuthi baphoxa kwiChippa, angeke bekuphinde lokho,” kubeka uKobola.
Kweminye imidlalo ezocacisa ngempi yezembe kusasa ngehora lesithathu emini, iSwallows izobhekana neChippa eDobsonville Stadium, iTS Galaxy ibhekane neMarumo Gallants eNelspruit.