‘Bekuyiphupho lami ukubizwa kwiBafana’ – Maphangule
Uthi kufezeke iphupho lakhe elidala umdlali wePolokwane City obizelwe ukuzovala isikhala sikaPatrick Maswanganyi kwiBafana Bafana, uRodney Maphangule.
Uthi kufezeke iphupho lakhe elidala umdlali wePolokwane City obizelwe ukuzovala isikhala sikaPatrick Maswanganyi kwiBafana Bafana, uRodney Maphangule.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi ubekulindele ukuthi uRelebohole Mofokeng abe ngaphansi kwengcindezi kule sizini ngoba usengomunye wabadlali ababalulekile kwi-Orlando Pirates futhi usewumdlali ohlale ebukwa amaqembu aphesheya.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi kuthikameze izinhlelo zakhe ‘ukufihlelwa’ ngokulimala kukaPatrick ‘Tito’ Maswanganyi okudingeke ukuthi abize umdlali ozovala isikhala sakhe izolo.
Njengoba kusalindwe umlawuli weSARS ophethe iRoyal AM ukuthi amamezele abanikazi abasha beqembu, omunye wabaholi beMK Party ozame ukuyithenga usephumele obala waveza ukuthi akuhambanga kahle.