Umrepha osazakhela udumo endimeni yomculo kuleli unesifiso sokwaziwa i-Afrika yonke ngomculo osheba iKwaito neHip Hop.
 
Nyakenye kunegama elike laqala ukufufusa kumabonakude ikakhulukazi esiteshini sethelevishini uMTV Base, kubonakala ibhungu laseThekwini uSiyabonga ‘Mac 11’ Mpungose.
 
Le nsizwa eneminyaka enwu-23 ekhulele oLundi ngaphambi kokufudukela eThekwini ngo-2004 ibivela kwi-video yayo yeculo elithi Sekeni, eqoshelwe kulo leli dolobha. UMac 11 wenza uhlobo lomculo awubiza ngeKwaito Rap, njengendlela yokuvuselela umculo athi uyigugu lakuleli.
 
“Ngikhule ngilalela iKwaito isikhathi esiningi. Umculo owawuhamba phambili eMzansi ngesikhathi ngisakhula kanti namanje ngisawuthanda, bengiwuthanda ngisho ungasadlalwa kangako kumabonakude nasemsakazweni,” kusho lo mrepha.
 
UMac 11 nyakenye ube ngelinye lamaciko amenywe yiRedbull, eRedbull Studios, eKapa, lapho aqophe khone i-Extended Play (EP) esihloko sithi Before The Money, egxile kakhulu kwisigqi seHip Hop yesimanje.
 
Ngaphambi kwayo nokho udedele iDurban Poison equkethe yona iSekeni namanye amaculo awenze namaciko aseThekwini okubalwa kuwo uGroovy Mave noCee Treehaven. Nonyaka uthe kudingeke ukuthi amise izinhlelo zakhe aziningi ngenxa yokuvalwa kwezwe, kodwa ngeledlule ugcine ekwazile ukukhipha ingoma yakhe entsha iThul’Ubuke ayipheke nomrepha igama lakhe eseliqala ukuzinza endimeni yeHip Hop kuleli, uLoki.
 
Noma esanda kukhipha leli culo, uMac 11 uthe usezinhlelweni zokuqopha ama-music video amaculo awaqukethe kwiDurban Poison njengoba kuphazamisekile lokho ekuqaleni konyaka.
“Ngijabule kakhulu kuthanjiswa imithetho ethinta ukuqopha ngoba lokhu sekuyasivumela ukuthi siqophe ama-music video. Sihlela ukukhipha ama-video noma amathathu ngaphambi kokuphela konyaka, kanye nomunye umculo uma isikhathi sisivumela.”
 

 
Ukuvalwa kwezwe ngenxa yeCovid-19 kuziveze zacaca bha izingqinamba ezibhekene namaciko akuleli. Ngaphandle kwezingqinamba ezidalwe yiCovi-19 uMac 11 uthi njengomculi ozimele ubevele ebhekene nezinye izinkinga.
 
“Izinto eziningi kulemboni zidinga imali. Yilapho engingathi ama-record label angenelela khona. Uma uzimele njengami, futhi ungenayo imali yokuqasha abantu abazokulekelela, isikhathi esiningi uzithola usubhekene nezinto eziningi ezigcina seziphasamisa umculo wakho. Kunzima futhi ukufaka amaculo ethu emsakazweni nakumabonakude njengoba sizimele. Kodwa akusho ukuthi akwenzeki, yingakho sisaqhubeka nokwenza umculo,” kusho yena.
 
Lo mrepha uthe uzimisele ukusebenzisana namanye amaciko, inqobo nje uma ewuhlonipha umsebenzi.
 
“Into ebaluleke kakhulu kimina umuntu ohlonipha umsebenzi wakhe. Okunye nokunye akusho lutho. Uma iculo ngilithanda, ngibona umuntu ukuthi uzimisele, singasebenza.”